Kuboshwe umyeni ngetulo lokudivosa unkosikazi ebambisene nomakhwapheni

2017-09-15 07:01

Pretoria - Ummeli ohlonishwa kakhulu ePitoli ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuzama itulo lokudivosa unkosikazi wakhe ngokungekho emthethweni.

Lo mmeli usale ephoxekile ngesikhathi icebo lakhe nomakhwapheni lingaphumeleli.

UMpho Mofomme‚ 58‚ benomakhwapheni wakhe uSebi Moche‚ 48‚ onguthisha benze icebo lokuthi lo makhwapheni azenze unkosikazi walo mmeli uMarilyn Mofomme‚ banikana amaphepha edivosi ukuze angazuzi lutho kwingcebo yabo isiyonke.

Lezi zithandani zibanjwe oqotsheni kumanje zisejele ngecala lokukhwabanisa.

"Ngiyajabula ukuthi yonke le nto isiphelile kanti nalesi sigebengu esingumyeni wami nomakhwapheni wakhe owangonela umendo wami sebezobukhokhela bonke lobu buhlungu abangizwise bona," kusho uMarilyn, ongunkosikazi, etshela abeTimesLIVE.

OLUNYE UDABA:'Umyeni wami ungincisha ucansi'

Ngo-Agasti 2015 inkantolo yaseGa-rankuwa yathola lezi zithandani zinecala lokukhwabanisa zagwetshwa iminyaka engu-8 umuntu ngamunye.

Bobabili bazama ukusidlulisa lesi sigwebo eNkantolo eNkulu yaseMafikeng kodwa behliselwa izigwebo zaba yiminyaka emihlanu umuntu ngamunye.

"Ngangineminyaka engu-25 ngashade naye, kodwa ubezama ukungiqola ngale ndlela. Umakhwapheni wakhe ubesehlala emzini wami eHartbeespoort‚ ehamba ngezimoto zami. Wahlanganyela nomyeni wami ukuthi bangigudluze. Isina muva liyabukwa," kuqhubeka lo nkosikazi.

Uthi izinkinga zakhe zaqala ngonyaka ka-2011 esemngcwabeni kwafika umngani kamkhwenyana wakhe emduduza ngedivosi.

Lo nkosikazi uthi kwamthusa lokho wabe eseya enkantolo eyohlola ukuthi kwenzenjani, ngempela wathola ukuthi usedivosiwe.

Uthi uthole ukuthi ngoJanuwari walowo nyaka, inkampani yomyeni wakhe yabameli yakhipha incwadi yenkantolo yedivosi ukuba ithunyelwe kunkosikazi wakhe.

Isikhonzi senkantolo sashayela inamba esasiyinikiwe, kwaphendula umakhwapheni ezenza unkosikazi.

Umakhwapheni wasebenzisa umazisi ongekho emthethweni wayosayina amaphepha edivosi ezenza unkosikazi.

Unkosikazi ukuhlehlise konke lokhu, wabophisa umyeni wakhe kanye nentombi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.