Cape Town – Unkosikazi kasomabhizinisi uboshelwe
esikhumulweni sezindiza eKapa ngokutholakala nensangu ezikhwameni zakhe.
Lo wesimame, 67, ogane usomabhizinisi osembonini edayisa
izakhiwo uboshwe ekuseni ngoLwesine.
OLUNYE UDABA:Uwesilisa ubulawelwe ukuthi ubengenayo insangu
Okhulumela amaphoyisa uNoloyiso Rwexana uthe amaphoyisa
athole le nsangu ngesikhathi enza umsebenzi wawo wokusesha izikhwama.
Lo wesimame uvele phambi kweMantshi yaseBellville lapho afike ahoxisswa khona amacala abekwe wona.