Kuboshwe unkosikazi nesoka ngokubulawa kukasomabhizinisi eLimpopo

2018-04-04 12:30

Johannesburg  - Unkosikazi kasomabhizinisi wasePolokwane, owadutshulwa wabulawa phambi kwendodana yakhe ngoFebhuwari, useboshelwe ukubulawa kwakhe kanye nendoda okusolwa ukuthi iyisoka lakhe, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe ithimba labaseshi lalandela imikhondo lwenza uphenyo olunzulu eLephalale ngenyanga edlule. Kwaboshwa usomabizinisi obandakanyela kuleli cala lokubulala.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athungatha ababulale usomabhizinisi

"Imininingwane yokuboshwa kwalo somabhizinisi ibingadaluliwe ukuze ithimba lizokwazi ukuthola eminye imininingwane ezoholela ekutheni kuboshwe intombi yomunye walezi zigilamkhuba oyinkosikazi yomufi. Uboshwe ngomhlaka-3 Ephreli 2018," usho njalo.

Indodana kaNgwako William Mathebula eneminyaka engu-11 ubudala yavinjwa amadoda amathathu ayehlomile esangweni emzini wabazali bayo osePolokwane ngesikhathi iya esikoleni. Abasolwa bayiphoqa ukuba ibuyele endlini kanjalo nomsizi wakhona. Ababulali babe sebedubula bebulala uMathebula ngaphakathi endlini.

UMathebula, 46, ubengumnikazi wenkampani iThaba Security.

Abasolwa ababili kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yasePolokwane (namuhla) ngoLwesithathu ngecala lokubulala.



 - African News Agency/ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.