Kuboshwe unogada odubule abebechama phambi kwemoto egaraji

2016-07-13 14:30

Tempa -  Uboshiwe unogada obehlomile ngecala lokushaya kulandela ukudubula amadoda abechama phambi kwezimoto ebezipake egaraji lezimoto, kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa aseTempa athe abophe u-Everoy Farqharson ongunogada egaraji laseYbor City kulandela ukubandakanyeka kwigxabano namadoda.

OLUNYE UDABA: Ushayisile obeshayela ecimezile ethandaza

UFarqharson uthweswe amacala amabili okuhlasela ngesibhamu, ukuphazamisa ubufakazi nokugqekeza.

Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa, ingxabano iqale ngesikhathi amadoda amabili echama endaweni yokupaka izimoto ngaphambi kokuhamba.

UFarqharson ube esewaqonda la madoda izinto zase zishuba ngokushesha.

Izisulu zitshele amaphoyisa ukuthi bezisanda kungena emotweni yazo, zase zaphuma zayioochama phambi kwemoto yazo. UFarqharson wase ezivimba ngenduku yegalofu.

UFarqharson ube esedubula kaningi ngesikhathi izisulu sezizama ukuphuma ngemoto egaraji, kubika iwwww.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.