Kuboshwe unogada wasesibhedlela ngokutholakala nenqwaba yama-ARVs

2017-08-24 12:30

Cape Town – Kuboshwe unogada wasesibhedlela kanye nomshayeli wamatekisi eWelkom ngemuva kokwehluleka ukuchaza ukuthi bazowenzani amabhodlela amaphilisi ama-ARVs angu-69 ababanjwe nawo, kusho amaphoyisa aseFree State ngoLwesithathu.

UCaptain Stephan Thakeng utshele iNews24 ukuthi ubengakabi nalo ulwazi lokuthi laba bayithole kanjani le mishanguzo ye-HIV.

"Behlulekile ukusikhombisa izincwadi zokuba namaphilisi amaningi kangaka.”

Amaphoyisa ophiko lweFlying Squad ancinzwe indlebe ngabasolwa ngoLwesibili.

Abasolwa babonakale endaweni yaseDoorn, amaphoyisa aqonda kubona.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elosolwa ngokubulala nokudlwengula ingane

Bazamile ukubaleka, kodwa elinye lamaphoyisa laphuma ngokushesha emotweni yawo, labajaha ngonyawo. Ozakwabo balandele ngemoto yamaphoyisa.

UThakeng uthe abasolwa bahlulekile ukushiya iphoyisa ngejubane.

Amaphilisi abatholakale nawo alinganiselwa kwangu-5 488.

Abasolwa, abaneminyaka engu-32 nengu-36 ubudala, bazovela maduzane eNkantolo kaMantshi eWelkom.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.