Kubukeka sekusele umndondo kuMashaba

2016-11-17 11:30

Durban - Uphenyo olufishane lweLANGA lukhomba ukuthi kuphelile ngomshado ka-Ephraim "Shakes" Mashaba neSouth African Football Association (Safa) emumise isigubhukane ukulolonga iBafana Bafana.

Leli phephandaba lidlane indlebe nomunye wabaholi beSafa oncikene kakhulu noDanny Jordaan onguMengameli wale nhlangano, olitshele ukuthi amfiliba amathuba okuthi uMashaba aqhubeke neBafana.

UMashaba umiswe yiSafa ngemuva kokuhlula kweBafana iSenegal ngo-2-1 kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngempelasonto.

Akabanga yingxenye yomdlalo wobungani phakathi kweBafana neMozambique ophele ngo-1-1 ngoLwesibili eMaputo.

Umthombo wethu uthe: "UDanny usephelelwe yithemba ngoMashaba. Kayikho inkampani engavumela ukuthi kube nomuntu emqashile oyihlambalaza esidlangalaleni. UMashaba sekukaningi ekhuzwa ngokuphendula noma yikanjani izintatheli. Izintatheli zigcina sezizonda iSafa ngenxa yokuthukwa nguyena.

"Lokhu kuholela ekutheni inhlangano ibukeke kabi emphakathini okuyinto esiqhatha nabaxhasi. Mina ngiyilungu leSafa kodwa kangisazi isikwati seBafana. Ibhola lethu kaliyi ndawo njengoba isikwati sethu sishintshwa njalo. Kasilubhadi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eGabon ngonyaka ozayo.

"Makhulu amathuba okuthi singayi kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngowezi-2018. Phela siyakuqonda ukuthi iSenegal kasiyihlulanga yize besidlalela ekhaya. Siphiwe iphenathi engekho, futhi wonke amalungu eSafa ayakwazi lokho," kusho lo mholi onxuse ukuba ligodlwe igama lakhe.

OLUNYE UDABA: IChiefs inamathuba angcono kuneDowns - Pitso

Uqhube ngokuthi iBafana kayikho emgqeni we-vission 2022 ngaphansi kukaMashaba.

Cishe kugcine ngoClive "The Dog" Barker oshiye ngowe-1997 kwiBafana ukuthi lesi sikwati sibe neqembu elaziwayo ukuthi libunjwe ngabaphi abadlali. Abaningi basasicula namanje isikwati sikaBarker anqobe ngaso i-Afcon ngowe-1996 saphinda safaka elakuleli kweyeNdebe yoMhlaba ebiseFrance ngowe-1998.

Lo mholi uqhube wathi: "Kumele ngabe sekuyabonakala ukuthi kubhekwe kuphi. Kuyacaca ukuthi le ndlu esiyakhayo ngeke iphele. Uma siphuthwa yimidlalo yaseRussia, kuzokube sekusele imidlalo yonyaka wezi-2022 eQatar, le okuyiyona esithi sifuna iBafana ibe isihleleke kahle kuyona.

"Ukuya eRussia kuyingxenye ye-vission 2022. Ngisho zingenza kahle izikwati ezincane kodwa kakusho lutho nxa isikwati esikhulu singayi ndawo. UDanny ufuna iBafana yenze kahle ngaphansi kwakhe ukuze aqhubeke ahlonishwe kunobhutshuzwayo. Izimfuno zakhe zibukeka ziphambene kakhulu kunokuqhubeka kwiBafana."

Kuthiwa ubuholi obuphezulu beSafa buzolinda umbiko weTechnical Committee eholwa nguNatasha Tsichlas ngokuziphatha kukaMashaba. Leli komidi lizolinda umbiko wokuqondiswa izigwegwe kukaMashaba ngaphambi kokuhlangana.

Ngemuva kwalokhu isigungu esiphezulu sizokube sesithatha isinqumo ngalo mqeqeshi ongene ezicathulweni zikaGordon Igesund naye ozifake obishini ngokuvuma imibandela abebona kahle ukuthi ngeke ayifeze.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.