Dallas – Oshayasibhamu ababili kuthiwa badubule amaphoyisa ayishumi ngesikhathi kunombhikisho eDallas ngoLwesine ebusuku, kwashona amane kuwona, kusho isikhulu samaphoyisa.
Esitatimendeni esikhushwe yisikhulu samaphoyisa aseDallas uDavid Brown, kuthiwa oshayasibhamu ababili ebebesendaweni ephezulu ecashile badubule amaphoyisa ayishumi ngesikhathi kunombhikisho.
Funda nalolu daba: Indoda icele umkayo nomakhwapheni ukuba bazame ukuzwana
Kuqhume isibhamu ngezithuba zabo-20:45 ngokwesikhathi sakuleya ndawo ngesikhathi amakhulu abantu bebhikisha kulandela ukuba amaphoyisa edubule ababulala abantu ababili abamnyama kuleli sonto.
Kuthiwa kuyaqhubeka ukuthungathwa kwabasolwa, bekungakaboshwa muntu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).