Kubukeka sizothathwa namhlanje isinqumo ngoMengameli Zuma

2018-02-12 09:32

Johannesburg – Ikusasa likaMengameli Jacob Zuma kulindeleke ukuba lihlale obala uma sekuhlangana ubuholi obuphezulu kwi-African National Congress ukuphothula udaba lokunikezela kwamandla okubusa.

INational Executive Committee izohlangana ngoMsombuluko ePitoli njengoba uZuma, 75, elokhu ephikelele njalo yize inyuka ingcindezi yokuthi ehle esikhundleni kusukela uCyril Ramaphosa angena ezicathulweni zakhe ngoDisemba.

Ukuphatha kwakhe iminyaka engu-9 bekuphelezelwa yizigigaba ezingezinhle kwaze kwaholela ekutheni i-ANC ilahlekelwe ngabalandeli.

“Abantu bethu bafuna lolu daba luphothulwe,” kusho uRamaphosa etshela izinkumbi zabantu ebezibuthelane eGrand Parade, eKapa, ukubungaza iminyaka engu-28 uNelson Mandela aphuma ejele.

OLUNYE UDABA: ‘UZuma usefana noMugabe waseNingizimu Afrika’

“INational Executive Committee izokwenza lokho ngqo, siyazi nonke nilindele isiphetho sale ndaba.”

Ubuholi obusha bufuna uZuma aphume engakaliqedi ihlandla lakhe lesibili ukuze buqale kahle nezinhlelo zokubuyisa abalandeli.

Uma uZuma enqaba ukugobela umthetho we-NEC wokuba ashenxe esikhundleni, lokho kungaholela ekutheni aketulwe ngevoti ePhalamende, ukuze kuvuleke isikhala sikaRamaphosa.

URamaphosa wethule inkulumo yakhe esebenzisa indawo efanayo kanye nombhobho owasetshenziswa nguMandela eminyakeni engu-28 eyedlule ngesikhathi ededelwa ejele ngemuva kokuhlala iminyaka engu-27.

Umbuthano wangeSonto umaka ukuqala kohide kwemigubho yempilo kaMandela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.