Kubulawe 11 wabantu odlameni lwase-DRC

2017-02-15 12:30

Kinshasa - Babalelwa kwabangu-11 abantu ababulawe eDemocratic Republic of Congo ngoMsombuluko kulwa amasosha kanye namavukelambuso, kusho izishoshovu.

Udlame lwangoMsombuluko lwenzeke ngaseTshimbulu, okuyidolobha lapho amasosha ebulale khona amalungu angaphezu kwangu-60 eqembu lamavukelambuso ngoLwesihlanu olwedlule kade kuliwa, kusho uJean Rene Tshimanga, ongumengameli weCivil Society esifundazweni iKasai-Central. 

"Namhlanje ekuseni siphinde sathola ukuthi (amavukelambuso) ahlasele amasosha abebavimbezela,” kusho uTshimanga ekhuluma neReuters.

OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo ubaba 'owabulala isoka lendodakazi' 

Uthe akanalo ulwazi lokuthi mangaki amalungu amavukelambuso abulewe nokuthi bangaki okungamasosha.

Izikhulu zamasosha kuzwelonke kanye nasesifundazweni azitholakalanga ukuba ziphawule.

Udlame olufuze lolu ezinyangeni ezedlule lushiye kushone inqwaba yabantu, abanye bashiya amakhaya.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.