Kubulawe abantu ababili endaweni yobumnandi iCubana

2017-10-14 13:04

Cape Town - Kudutshulwe abantu ababili bashona, kwathi omunye walimala endaweni yobumnandi edumile eStellenbosch, ngokusho kombiko.

Ngokuthola kweNews24, lesi sigameko senzeke eCubana ekuPlein Street ngaphambi kokuba kuhlukane usuku ngoMgqibelo, kanti kuthiwa omunye wabashonile bekungumuntu obengaxhumene nalesi sigameko.

Ngesikhathi bethintwa yiNews24, abaphathi beCubana banqabile ukuphawula bathi yonke imibuzo ayibhekiswe emaphoyiseni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC Van Wyk, ukuqinisekisile ukubulawa kwabantu ababili - okungowesilisa, 40, nowesifazane, 30, kanye nokulimala komunye wesifazane.

UVan Wyk uthe lo wesifazane olimele uphuthunyiswe esibhedlela sendawo. Uthe baphenya amacala amabili okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala.

Abantu abebeseCubana kwenzeka isigameko babhale ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukushaqeka kulandela lesi sigameko.

Ngokulandisa kukaPhaks Photh'inja kungene amadoda amabili kule ndawo yokuzijuxuza, badubula bebhekise esixukwini bebe bejaha umuntu obalekele ngasendlini encane.

USihlalo wesigungu esongamele abafundi eStellenbosch University, uLwando Nkamisa, unxuse iziyshudeni ezithintekile kulesi sigameko ukuba zithole ukwelulekwa ngokomqondo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.