Kubulawe abantu abathathu esigamekweni sokudubula eKapa

2017-06-18 15:14

Cape Town – Amaphoyisa aseKapa athungatha abasolwa abambalwa kulandela ukubulawa kwabantu abathathu abadutshulwe esigamekweni okusolwa kuso udlame lwamaqembu ezigelekeqe.

Lesi sigameko senzeke eBishop Lavis, eCape Flats.

Kukholakala ukuthi lesi sigameko sihlobene nesinye esenzeke e-Elsies River ngenyanga eyedlule.

Okhulumela amaphoyisa uNoloyiso Rwexana uthe bekungakaboshwa muntu okwamanje, ube esenxusa ongaba nolwazi ukuba axhumane namaphoyisa aseduze.

OLUNYE UDABA: Kubulawe abangu-5 kuqubuka udlame eKapa

Kuthiwa amadoda amane abemi eNooitgedacht, eBishp Lavis, ngoMgqibelo ngesikhathi kuqhamuka imoto yavulela ngenhlamvu yase iyahamba.

URwexana uthi abathathu babe sebeshona ngenxa yalesi sigameko.

“Ababili basale enkundleni kwathi oyedwa washonela esibhedlela,” esho.

Okhulumela i-CPF uGraham Lindhorst uthe ngokwazi kwabo, lesi sigameko sihlobene nesokudutshulwa kulinyazwe lowo osolwa ngokuba ngumholi wezigelekeqe uJerome Booysen.

Kuthiwa isisulu sesine silimalile kulesi sehlakalo kepha sakwazi ukubaleka.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.