Kubulawe indoda ilibangise emsebenzini

2017-09-03 08:33

Johannesburg - Kubikwa ukuthi owesilisa obelibangise emsebenzini akazange esafika khona njengoba ebulawe endleleni.

Owazibonela isigameko senzeka uthe le ndoda engaziwa yayihamba kuChurch Street eBloemfontein iphethe isikhaftini sayo ngesandla ngesikhathi ihlaselwa izigebengu ezimbili, ziyibulala.

"Isigameko senzeka ngaphambi kwezithuba zabo-06:00 ngoLwesine ekuseni. Isisulu sangidlula ngabe sengizwa simemeze, sicela usizo. Kuthe ngemuva kwesikhashana, ngabona amadoda amabili ebaleka ebheke ngasemathuneni asePhahameng.

"Ngesikhathi sngiyobheka, ngafike ngabona isisulu sidindilize edamini legazi.

OLUNYE UDABA:Kubulawe indoda ngaphandle kwesitolo eKapa

"Ngicabanga ukuthi sagwazwa saze sashona ngoba angikuzwanga ukuqhuma kwezibhamu."

Omunye wabasebenzi basezinkontilakini uthe bafika endaweni abasebenzela kuyo bafica isidumbu sendoda sidindilize damanini legazi.

"Sashayela amaphoyisa ucingo. Kubukeka sengathi le ndoda ibiziyela emsebenzini."

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Ikobeng Hlubi uqinisekise isigameko.

"Kuvulwe icala lokubulala ukuze kuzophenywa.

"Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba ashayele amaphoyisa ku-051 406 4401, kusho uHlubi.


 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.