Kubulawe indoda inqaba ukuba yingxenye yomcimbi

2017-02-11 17:04

Rustenburg – Bekungakaboshwa muntu kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa ongqongqiswe ngomlilo eMarikana ngaseRustenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West.

"Singaqinisekisa ukuthi kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aseMarikana. Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngomhlaka-4 Febhuwari.

“Bekungakaboshwa muntu okwamanje,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Pelonomi Makau.

Kuthiwa le ndoda ibulawe ngoba inqabile ukuba yingxenye yomsebenzi wokugezwa kwabantu, ngoba ikholelwa ekutheni kugezwa labo abathinteka esigamekweni sokubulala esenzeka kuleya ndawo.

OLUNYE UDABA: Kubulawe isigebengu ebesiyiqhawe kwabanye

Isangoma okuyiso esasigeza abantu kuthiwa sathi kukhona impimpi ekhona phakathi kwabo, kwathi uma inqaba le ndoda ukuba yingxenye yalo mcimbi kwase kuba nezinsolo zokuthi yiyo impimpi.

"Kuthiwa yayiswe emzini wayo, kwatatshwa yonke impahla yase ithathwa ngemoto yayo yayiswa ehlathini.

“Bafike bokhela imoto yayo le ndoda ingaphakathi. Isidumbu sayo satholakala singumlotha.”

Kwenzeka lesi sigameko nje, ngoDisemba wonyaka owedlule kwagencwa indoda yashona khona eMarikana.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.