Kubulawe 'iphoyisa' elisolwa ngokubulala obhejane

2017-07-25 09:31

Johannesburg – Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa elisolwa ngokubandakanyeka ebugebengwini bokubulawa kobhejane KwaZulu-Natal, eHluhluwe, ngempelasonto.

Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo ebusuku lapho kuphinde kwaboshwa khona nabanye abasolwa abathathu, kusho okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Vishnu Naidoo.  

Isigameko senzeke ngemuva kokuba abasolwa behlulekile ukumisa imoto yabo ngesikhathi beyalelwa ngamaphoyisa ukuba abame, nokuholele ekutheni bajahwe ku-R22.

UNaidoo uthe ithimba elilwisana nokuzingela okungekho emthethweni belisiqaphe ngelokhozi isimo kulandela ukuthola imininingwane ngabesilisa, ebebehamba ngeveni eMelmoth, befuna ukuyobulala obhejane eHluhluwe. 

"Imoto efana nse naleyo ibonakele, kodwa amalungu ethu ahluleka ukuyimisa njengoba abasolwa bevele babaleka. Lokho kuholele ekujahweni kwabo, kwadubulana abasolwa kanye namaphoyisa.”

OLUNYE UDABA: Ligcwele izinkalo iphoyisa elisolwa ngokubulala intombi

Abasolwa abathathu balimalile baboshwa ngemuva kokuba imoto iphaphalaze yaphuma emgwaqeni. Bangeniswe esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa, kodwa bagadiwe. Umsolwa wesine ubulwe.

Kutholakale isibhamu sokuzingela sohlobo lwe-303 izinombolo zaso zisuliwe, kutholakale nezinhlamvu zaso, i-silencer, isibhamu sohlobo lwe-9mm nezinhlamvu zayo kanye nezimbazo ezimbili.

UNaidoo uthe abasolwa bangase babhekane namacala okuzama ukubulala nokutholakala nezibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni, nokwephula umthetho womgwaqo.  

Ngokusho komthombo ongafunanga ukudalulwa, umsolwa oshonile ubeyiphoyisa khona eMelmoth.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.