Kubulawe onyathele izicathulo zikanokusho ethaveni

2016-11-03 11:33

Johannesburg -  UStephen Lehloenya uye ethaveni eyozijabulisa kodwa injabulo yakhe iphenduke izinyembezi ngokuhamba kwesikhathi.

ULehloenya, 28, waseWattville eKurhuleni, unyathele izicathulo zomunye omuntu obesethaveni wazithola esegwazwa wabulawa.

“Izicathulo ziyabiza impela kodwa bekungamele abulawe ngenxa yazo,” kusho omunye obesethaveni ngaleso sikhathi.

Ngemuva kokugwaza uLehloenya, umsolwa ubalekile endaweni yesehlakalo kanti namanje amaphoyisa abesamthungatha.

OLUNEY UDABA: Kutholakale isidumbu emotweni ebivutha umlilo

USibongile Lehloenya, ongudadewabo kamufi, uthi bebelele ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi bezwa kungqongqoza umuntu emnyango.

“Sivulile emnyango kwakhona owesilisa osibikela ukuthi asizobona umfowethu. Kuthe uma sifika khona ubesaphefumula. Sibize i-ambulance kodwa yaphuza ukufika. Size sacela enye imoto ukuba imphuthumise esibhedlela.

“Kodwa ngeshwa ushonele endleleni.”

Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa e-­Actonville.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.