Kubulawe owesilisa ephuma kwi-picnic nomndeni nabangani

2017-11-12 15:05

Ekurhuleni - Kudutshulwe owesilisa washona ngemuva kokuphucwa itekisi yizigebengu zase ziyalishayela, ligcwele izihlobo nabangani abebephuma kwi-picnic, kusho amaphoyisa aseSprings ngeSonto.

"Umufi ubeshayela iQuantum… bephuma kwi-picnic kanti uhlaselwa nje ubediliva abantu emakhaya abo," kusho uCluster Commander Major General Mumsy Mbele. Lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo ebusuku.

Imoto idunwe yizigebengu ezinhlanu ekhoneni likaRumani noRokana Road, eSelcourt, eSprings.

"Abasolwa bathushuke esikhaleni bama maphakathi nomgwaqo, baqala badubula bebhekise kwiQuantum."

OLUNYE UDABA: Kudunwe itekisi, kwabanjwa abagibeli inkunzi eThekwini

Kuthe uma izigebengu sezibona ukuthi umshayeli usedubulekile, zasondela kule moto, omunye waya ngasohlangothini lukamshayeli womdabula futhi, ngaphambi kokukhipha isidumbu sakhe emotweni wasilaxaza phansi.

Lesi sigebengu sibe sesingena esiteringini, nalezi ezinye zangena ngasesicabheni sabagibeli, zayalela abaphakathi ukuthi bangazibuki.

Lezi zigebengu zibe sezishayela le moto nalaba abebephakathi, okubalwa nezingane ezintathu, kwatshelwa owesifazane obehleli phambili ukuba abayalele indlela eya emathuneni aseduzane.

"Babe sebengena emathuneni amadala aku-Ext 3, KwaThema; bayalela zonke izisulu ukuba zibanike omakhalekhukhwini, ubucwebe kanye nemali."

Abasolwa babe sebebaleka ngonyawo.

Amaphoyisa acela noma ngubani ongaba nolwazi ukuba ashayele amaphoyisa aseduzane.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.