Kubulawe ubaba kwagwazwa indodana endlini

2017-10-31 11:00

Stellenbosch – Kubulawe ubaba, kwagwazwa indodana yakhe ebusweni ngesikhathi kugasela izigebengu emzini wabo ekuseni ngoLwesibili.

Ngokusho komthombo ongaphakathi emaphoyiseni, izigebengu ezimbili zigqekeze endlini ekuDe Wet Street, eBrandwacht ngabo-03:30 ekuseni.

Le ndlu yabo okwamanje iyalungiswa.

IBrandwacht ingezinye zezindawo zabadla izambane likapondo kuleli.

Ngokusho kwemithombo yeNews24, izithandani, yindodana yazo, 14, kanye nosana lwazo, 3, bebelele ngesikhathi kungena izigebengu.

OLUNYE UDABA: Usegwetshiwe owabulala abantu abangu-6 eKZN

Kukholakala ukuthi indodana izwe umsindo endlini, yazama ukulwisana nezigebengu isebenzisa induku yegalofu, yaze yagwazwa ebusweni.

Kumanje ithola ukwelashwa esibhedlela eStellenbosch.

Uyise oneminyaka engu-42 ubudala yena ugwazwe wabulawa esekamelweni lakhe, ngemuva "kokuhilizisana nezigebengu".

Bekungakacaci ukuthi yini izigebengu eziyintshontshile endlini.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.