Kubulawe umethuli wohlelo lukaSABC2

2017-06-08 12:30

Cape Town – Sekuvelle imibiko yokuthi kushone inkakha yomethuli wohlelo olugxile ezilwaneni zasendle kuSABC2, i-50/50, nokunguJohann Botha.

Ngokombiko weRSG, udutshulwe esigamekweni sokuphanga endaweni yokucima ukoma eMaboneng Precinct ngoLwesithathu ebusuku ngo-19:30.

Intatheli yePretoria FM, u-Anton Meijer, ubhale enkundleni yezokuxhumana iTwitter ukuthi umnikazi weZebra Inn Bar naye ubulewe kulesi sigameko sokuphanga.

UMeijer uqhube wathi kuyimanje amaphoyisa athungatha abasolwa abane, abesilisa abathathu kanye nowesifazane, mayelana nalesi sigameko sokudubula.

OLUNYE UDABA:Isililo kudlula emhlabeni owayelingisa eMzini Wezinsizwa

UBotha ubephinde abe ngumdidiyeli  wohlelo oluwuchungechunge lukamabonakude olubika ngezindaba eziphenyiwe kuM-Net, iCarte Blanche. Lolu hlelo lube selukhipha isitatimende ngoLwesine ngalesi sigameko.

“Ubenethalente eliyisimanga kanye nenhliziyo enkulu,” uGeorge Mazarakis, onguMdidiyeli oMkhulu weCarte Blanche, ubhale kanjalo esitatimendeni sabezindaba echaza le nkakha ezinhlelweni zikamabonakude.

Omunye wabangani baBotha, uJohan Marais, ubhale kuFacebook edlulisa amazwi enduduzo emndenini walesi sihlabani, nalapho esichaze khona njengomuntu obenethalente.

UBotha ubephinde abe ngumethuli owaziwayo wezinhlelo zasemsakazweni futhi enolwazi olunzulu ngezomculo. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.