Kubulawe umlimi evikela umndeni nezivakashi

2017-10-16 07:33

Cape Town – Umlimi udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa ezama ukuvikela umndeni wakhe kanye nezivakashi, iningi lazo obekungamantombazanyana, epulazini elingasePhiladelphia eWestern Cape, kusho amaphoyisa.

Owesilisa udutshulwe washona ngesikhathi eya kwabesilisa abane ebebezifihle ubuso bangena emzini wakhe ngesikhathi kunephathi kugujwa usuku lokuzalwa, kusho uCaptain FC van Wyk ngeSonto.

“Umnikazi uqonde kubasolwa kanti bazomdubula. Uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane nokuyilapho eshonele khona ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uVan Wyk.

Uthe abasolwa babaleke ngonyawo endaweni yesigameko. Isigameko senzeke ngabo-00:20 ekuseni ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: 'I-ANC kusayilona kuphela ithemba labantu'

“Kuvulwe icala lokubulala kanti kuyaphenywa,” esho.

URowan Philp oyilungu lomndeni uhlonze isisulu ngoMark Fagan.

Unkosikazi kaMark, obekhona ephathini, uthe iningi labazali libonge umufi ngokusindisa izingane zabo.

UPhilp utshele iNews24 ukuthi uFagan usindise izimpilo zamantombazane angu-9 nabesifazane ababili kulesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.