Kubulawe umnikazi wethaveni kuphangwa e-E Cape

2017-09-25 12:28

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa umnikazi wendawo yokucima ukoma esigamekweni sokuphanga, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngeSonto.

Kusolwa ukuthi ngezithuba zabo-23:00 ngoMgqibelo ebusuku kwafika amadoda amathathu ethaveni yesisulu, 47, endaweni yasePikweni, kwaCungwini village, eDutywa, kusho uCaptain Jackson Manatha.

La madoda azenza abantu abazothenga utshwala.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa indoda, 20, ethaveni

"Ngesikhathi isisulu sesibalethela utshwala babo, oyedwa wabasolwa ukhiphe isibhamu wadubula isisulu emzimbeni."

La madoda abalekile ngemuva kokuthatha isamba semali esingadaluliwe neselula. Isisulu siphuthunyiswe esibhedlela iDutywa Health Care lapho ehlonzwe khona njengoshonile. Akukaboshwa muntu, kusho uManatha.

Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba ashayele ucingo amaphoyisa aseDutywa ku-047 489 1333 noma uCrime Stop ku-08600 10111.

 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.