Kubulawe umshayeli we-Uber, walahlwa esigangeni

2017-08-23 14:03

Johannesburg - Njengoba kulindeleke ukuba avele eNkantolo kaMantshi eRoodepoort ngoLwesithathu osolwa ngokuthela nge-acid umshayeli we-Uber, sekudutshulwe kwabulawa omunye umshayeli.

Umshayeli kubikwa ukuthi ubulawe ngoMsombuluko ebusuku engwaqeni ongenela eTwatwa eBenoni

Amaphoyisa aseTwatwa athi ayalwazi lolu daba kodwa lusingethwe ngamaphoyisa aseDaveyton.

Imibiko esatshalaliswe abashayeli be-Uber kuWhatsapp ithi umufi utholakale elahlwe ngaku-N12 kanti i-tracker ithole ukuthi imoto yakhe ibisemijondolo yaseChris Hani.

OLUNYE UDABA: Sekuboshwe omunye futhi 'kwelokudliwa' kwezicubu zabantu

I-email ethunyelwe ngabaphathi be-Uber kubashayeli ngoLwesibili ithi: “Izolo ebusuku kubulawe umshayeli esigamekweni okubukeka sengathi ngesokudunwa kwemoto. Sishaqekile futhi sidumele ngokuzwa ngalezi zindaba.”

“Nakuba kubukeka sengathi umshayeli ubengasebenzisi i-app yethu ngesikhathi kudunwa imoto yakhe, sicele iziphathimandla ukuba ziphenye,” kusho abaphathi kwi-email

Abashayeli be-Uber bakholelwa ukuthi umufi obeyolanda ikhasimende elikhokha ngokheshi ngesikhathi sesigameko, kubika Sowetan Live.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.