Kubulewe owesimame ngokunqaba isicelo sesoka

2016-08-10 13:31

Cape Town – Owesimame oneminyaka engu-28 ubudala udutshulwe wabulawa owayeyisoka ngoba enqaba isicelo somshado.

Ngokusho kukamama kaNokuthula Thashe, uSheila, indodakazi yakhe ibiwasha ngesikhathi kufika isoka lihamba nomngane bephethe uR13 000 welobolo.

UNokuthula usinqabile isicelo saleli soka, kanti ngokusho kukanina akusikona okokuqala enqaba lesi sicelo kuleminyaka emihlanu bethandana.

Le ntombi yayihlala naleli soka kodwa labuyela ekhaya ngemuva kwezingxabano.

Funda nalolu daba:Ushonile oshiswe uyise wesesheli ngoba enqaba isicelo

“UNokuthula wayecele ukuthi ngimuphe imali yokugibela ayolanda izimpahla zakhe ezasala lapho ayehlala khona naleli soka,”kusho unina.

Uthi wezwa indodakazi yakhe imemeza phandle ngoLwesihlanu ebusuku phambi kokuqhuma kwesibhamu.

Ephuma ubone ingane yakhe ihleli ikhala ithi akubizwe amaphoyisa nabosizo lokuqala, kubika iDaily Voice.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.