Kubulewe oyedwa kwalimala abathathu kudutshulwana eGoli

2017-08-19 09:49

Centurion – Kubulewe owesilisa kwalimala kabi abantu abathathu kwisigameko sokudubula namaphoyisa elokishini lase-Olievenhoutbosch.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu kanti abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola imoto ilele ngohlangothi eceleni komgwaqo.

Okhulumela abe-ER24 uRussel Meiring uthi bekugcwele amalungu omphakathi ezozibonela ngawabo lokhu okwenzekile.

Owesilisa oyedwa ubelimele kabi  futhi ubeseshonile makufika abezimo eziphuthumayo.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa laphucwa nesibhamu

Abanye abathathu baphuthunyiswe esibhedlela saseTembisa.

Umlisa wesine oseboshwe ngamaphoyisa yena akazange alimale kulokhu.

Kukholakala ukuthi amaphoyisa abejaha abasolwa ngesikhathi imoto yabo ishayisa. Kuqale lapho-ke ukudutshulwana phakathi kwabasolwa namaphoyisa.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.