Kubulewe ufakazi ophambili kwelokubulala ehostela laseMlazi

2017-02-06 07:00

Durban - Amaphoyisa aphenya ngesigameko sokubulawa kukaMnuz Mlu Cele obengufakazi ecaleni lokubulala.

Kuthiwa uCele, 37, ubengufakazi oqanda ikhanda ecaleni lokubulawa kukaNksz Akhona Ngxokana,31, ehostela laseMlazi iGlebelands.

UCele ubehlala eBlock 57 kulo leli hostela kanti kuthiwa ubengasahlali kulo leli hostela ngoba ebona ukuthi akaphephile.

Lo mlisa ubulawe ngoLwesihlanu ebusuku kanti okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala uthe isidumbu sakhe sitholakale sinenxeba lokudutshulwa esiphongweni.

OLUNYE UDABA:Kuphinde kwabulawa omunye umuntu futhi ehostela

Ngokusho komthombo wephephandaba iSOLEZWE ohlala kuleli hostela, uCele wayenoNgxokama bexoxa ngesikhathi kufika owayeyisoka lalo wesimame.

Kuthiwa leli soka lalingasathandani noNgxokama kodwa lavukwa yisikhwele libona laba bobabili lase sishaya owesimame, wathi ezama ukulamula uCele naye wathola induku.

Kuthe lo wesimame enqaba ukukhuluma nalo leli soka, lamdubula ekhanda lase likhomba uCele ngesibhamu.

Lo mlisa wagcina eseboshiwe kanti ubevele enkantolo ngoLwesibili olwedlule icala lakhe lahlehliselwa uLwesibili waleli sonto lapho abezofaka khona isicelo sebheyili.

Abahlali bakuleli hostela bathi baphoxeke kabi ngokubulawa kukaCele ngoba akakutholanga ukuvikelwa ngamaphoyisa.

"Besingazitsheli nokuthi ungumuntu ozicanaselayo lapha ehostela, besazi ukuthi uvikelwe ngoba wayekhona kubulawa intombi yakhe kanti futhi naye wakhonjwa ngesibhamu ekhonywa umlisa owayibulala," kusho ohlala kuleli hostela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.