Kubuya iminjunju yehlazo kwiPirates

2016-11-24 10:02

Johannesburg - "Lapho amanzi ake ama khona aphinda ame futhi." UReneilwe "Yeye" Letsholonyane oyisilomo seSuperSport United ufunga uyagomela ngokuthi nakanjani sizofezeka lesi saga uma sebebhekene ne-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weTelkom Knockout ngoMgqibelo ngo-18:00 eMbombela Stadium.

ISuperSport yehlise isithunzi seBucs iyithela ngehlazo lika-6-1 emdlalweni wokugcina wala makilabhu kwi-Absa Premiership okuholele ekusuleni isigubhukane kukaMuhsin Ertugral esigqikini sokucija amaBhakabhaka.

Izintambo zinikwe u-Augusto "Njenje" Palacios ukuzibamba kuze kuphele unyaka.

Izinto ziyihambela kahle iBucs selokhu icijwa nguPalacios.

OLUNYE UDABA: Kumangaze abaningi ukubhaxatshulwa kwePirates

NgoLwesibili ebusuku iBucs iguqise iChippa United ngo-1-0 wegoli likaTendai "Fire" Ndoro eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

ULetsholonyane uthi: "Uma ngithi sizoyiphinda iBucs kangiqondile ukuthi sizohlohla amanye amagoli ayisi-6 kodwa ngithi sisazoyihlula. Okungenza ngisho lokhu wukuthi ngiyazi inengcindezi ngoba siyehlise isithunzi. Izoza nelukuluku lokufuna ukuziphindiselela bese ithola induku. Sizoyinika indawo yayo ngeke siyithathe kancane ngoba nakhu siyehlulile (koweligi) kodwa sizodlala ngokukhulu ukucophelela."

Ngakolunye uhlangothi, uPalacios uxwayisa abadlali bakhe ngaphambi kwalo mdlalo.

Uthi okwenzeke begcina ukubhekana neSuperSport uyazi kusahleli ezinhliziyweni zabadlali bakhe. Nokho uthi kufanele bangayi kulo mdlalo ngenhloso yokuziphindiselela ngoba bazokube bazifaka engozini yokuphinda bathole isibhaxu.

"Kulo mdlalo sizolwela ukudlulela kowamanqamu, ukuthi sidlula kanjani kakubalulekile lokho. Ngiyayithanda indlela abafana bami abazinikele ngayo, bakhombise isibindi sibhekene neChippa.

Ngethemba ukuthi sizoqhubeka naso nakulo mdlalo.

"Nokho ngeke ngizikhohlise, kuzofanele siyihlomele ngokweqophelo eliphezulu iSuperSport ngoba iyingozi ikakhulukazi phambili kanti nasemuva kayiwavuzisi kalula amagoli. Sizoqhamuka nendlela yokuyiqaqa emuva," kusho uNjenje.

Ezimnandi kubalandeli beBucs ngezokubuya kukaThabo Matlaba obedonsa isigwebo samakhadi aphuzi.

Akazange abonakale iBucs ibhekene neChippa kanti isikhala sakhe sihlale obala kwazise udle ngokushoshela ophondweni lwesokunxele okungabonakalanga ngoLwesibili kuPatrick Phungwayo obevale isikhala sakhe.

* Komunye umdlalo, iCape Town City izobhekana neFree State Stars kwiSemi Final yokuqala yeTelkom ezokuba ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Athlone Stadium.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.