Kucelwa ababeseMoses Mabhida bayobhala izitatimende emaphoyiseni

2018-04-30 18:00

Durban - Abantu abalimala esigamekweni esenzeka eMoses Mabhida kulandela umdlalo weKaizer Chiefs neFree State Stars kufanele bayobhala izitatimende zabo emaphoyiseni.

UBrigadier Jay Naicker, okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ucela bonke abantu abalimala esigamekweni ngemuva koweNedbank Cup bavele ngaphambili beyobhala izitatimende zabo kubaseshi. 

Uthe iningi lalabo abalimala bahamba ngemuva kokuthola usizo abazange bayishiye imininingwane yabo emaphoyiseni.

Amaphoyisa aphinde acele ukuba nofakazi bafike emaphoyiseni babo bezohlinzeka amaphoyisa ngemininingwane mayelana nezigilamkhuba ezadala udlame zacekela phansi nempahla ngosuku lwesigameko.

UKhoza usola amaphoyisa ngodlame lwaseMoses Mabhida.

Onogada eMoses Mabhida kwabalula ukubahlasela.

OLUNYE UDABA:UMsamariya olungile uzosiza ngemali unogada ohlaselwe eMoses Mabhida Stadium

IChifes yehlulwa yiFree State Stars ngo 2-0. 

Abalandeli beChiefs bavele bangena enkundleni bashaya onogada bephula amakhamera abezindaba.

Kwasabalala ivideo etshengisa kuhlaselwa unogada, ekhahlelwa esifubeni.

Akusikho okokuqala kwenzeka isigameko esifana nalesi ebholeni lezinyawo eNingizimu Afrika.

UPhelelani Jojisa, 32, osolwa ngokuba yingxenye yalabo abangena enkundleni bacekela phansi impahla uvele kafushane eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngoMsombuluko odlule.

UNaicker uthe udaba seluphenywa yi-SAPS KZN Provincial Task Team.

Kuyacelwa noma ngubani ongase abenolwazo oluzosiza abaphenyi ashayele uCaptain Reddy ku-082 458 5630 noma uDetective Warrant Officer Mlungwana ku-082 662 7764.

Amaphoyisa ayakuqinisekisa ukuthi imininingwane izogcinwa iyimfihlo.



 - Daily News

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.