Kucelwa abalimala kwesaseMoses Mabhida baxhumane namaphoyisa

2018-05-02 12:33

Durban - Amaphoyisa aseThekwini namanje asanxusa bonke abantu abalimala esigamekweni esenzeka eMoses Mabhida Stadium ukuba beze ngaphambili.

Sekuphinde kwaboshwa abanye abantu abathathu ngokubandakanyeka kulesi sigameko. Kulindeleke ukuba kuvele enkantolo namuhla usomatekisi, umshayeli wamatekisi nemenenja yaserenki yamatekisi mayelana nalesi sigameko.

Umsolwa wokuqala uPhelelani Jojisa udedelwe ngebheyili ka-R1 000 ngenyanga edlule kanti uzophindela enkantolo ngomhlaka-25 Meyi.

OLUNYE UDABA:Ubalelwa ku-R2.6m umonakalo odaleke eMoses Mabhida Stadium

Kwalimala onogada abangu-18 kwaphinde kwacekelwa phansi nezinsizakusebenza zabezindaba ngesikhathi abalandela begasela enkundleni kulandela umdlalo weNedbank Cup eThekwini ngenyanga eyedlule.

UMasipala waseThekwini waveza ukuthi umonakalo ubalelwa emalini engu-R2.6 million.

Owamaphoyisa uJay Naicker uthe kusalindeleke ukuba kuboshwe abanye abantu.

"Omunye wabasolwa uzinikele emaphoyiseni izolo (ngoLwesibili) ngesikhathi ezwa ukuthi ufunwa ngabaseshi. Omunye wabasolwa uboshwe eBizana, e-Eastern Cape.

"Laba bobathathu kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kusasa ngamacala odlame lomphakathi," esho.

Ofakazi namalungu omphakathi abangase babenolwazi bayacelwa ukuba baxhumane noCaptain Reddy ku-082 458 5630 noma uDetective Warrant Officer Mlungwana ku-082 662 7764.

 - Newswatch

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.