Kucelwa abashayeli bashayele ngobunono emigwaqeni eseduze nezikole

2018-03-18 11:00

Thohoyandou - Amaphoyisa aseLimpopo ngoMgqibelo anxuse abashayeli bezimoto ukuba baqikelele uma beshayela emigwaqeni eseduzane nezikole kulandela isigameko sokushona komfundi oshayiswe yimoto ebuhamba ngesivinini esiphezulu eduzane naseThohoyandou.

Amaphoyisa eLimpopo awahambisani nokushayela budedengu, ikakhulukazi ukushayela ngesivinini esiphezulu emigwaqeni ewelwa ngabafundi ukufinyelela ezikoleni nengasezikoleni, kusho uLt-Col Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA:Kushone 2 wezingane zisha nomuzi eLimpopo

Lokhu kza ngemuva kwesigameko esenzeke endaweni yaseVuwani okuyindawo eseduze naseThohoyandou, lapho imoto ishayise khona izingane ezithathum, eneminyaka engu-3, en-5 neno-7 ubudala kuTshivhulana Road eduzane naseTshivhumana Primary ngoLwesihlanu.

Amaphoyisa abikelwa ngesikhathi aphuthuma endaweni yaso afica izingane ezitathu zisesimeni esibucayi zilele phansi eceleni nkomgwaqo. Lezi zingane zaphuthunyiswa esibhedlela nge-ambulensi kodwa ngeshwa eneminyaka engu-7 ubudala yashone ifika esibhedlela. Lezi zingane bezifunda kulesi sikole zihlala khona endaweni. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo.


 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.