Kucelwa izihlobo zeziguli zithinte isibhedlela ngemuva komlilo

2017-05-24 07:00

Durban - Imindeni yeziguli ebezisesibhedlela sasePort Shepstone ngesikhathi sisha ngoMsombuluko iyacelwa ukuba ixhumane nesibhedlela ukuze izoqinisekisa ukuthi izihlobo zayo zadluliselwa kuziphi izibhedlela, kusho uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ngoLwesibili.

USam Mkhwanazi okhulumela umnyango uthe, isizathu salokhu wukuthi eminye imiqulu equkethe umlando weziguli ishe emlilweni.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuqubuke umlilo esibhedlela saseKZN

Indawo eshile esibhedlela inamawadi amaningi okubalwa kuwo elabagula kakhulu nelezingane.

UMkhwanazi uthe izihlobo zeziguli ezidlulisiwe ziyacelwa ukuba zithinte isibhedlela ku-039 682 6678.

Ngokombiko weSouth Coast Herald, iziguli ezilinganiselwa ku-200 kudingeke ukuthi zitakulwe ebhilidini lalesi sibhedlela njengoba ukwelashwa kweziguli kuye kwama nse.

Iqhuba ithi kunabantu abathathu okubikwa ukuthi bashe kanzima, kanti ezinye iziguli kanye nodokotela kubikwa ukuthi basavaleleke ebhilidini lalesi sibhedlela njengoba nabezicishamlilo kubikwa ukuthi bamatasa bazama ukubhula umlilo.

Okwamanje akukacaci ukuthi kube yini imbangela yomlilo, kodwa abanye bodokotela batshele iSouth Coast Herald ukuthi uqale egunjini lezobuchwepheshe (IT section).

IZITHOMBE:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.