Kucelwe uMkhwebane ukuthi aphenye ngo-R30m ‘owatholwa’ uMolefe

2017-04-18 09:31

Pretoria – Iqembu eliphikisayo, iDA, ishaya amakhala ngesamba semali engu-R30 million okusolwa ukuthi yagixabezwa lowo owayeyi-CEO yakwa Eskom, uBrian Molefe, yinkampani ephehla amandla kagesi kuleli, u-Eskom.

I-DA kanye neSA National Civic Organisation (Sanco) babuza ukuthi u-Eskom umnikezeke ngaliphi uMolefe le samba semali engaka ekubeni ubesasebenze izinyanga ezingu-18 nje kuphela eqhoqhobele lesi sikhundla. Ngaphezu kwalokho lezi zinhlangano sezicele uMvikeli woMphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, ukuthi aphenye kulandela imibiko yabezindaba ethi ngokwemithombo ekwa-Eskom, uMolefe ugixabezwe ngalesi samba semali ngoMashi.

UMolefe wasula isigubhukane kulandela ukuphuma kombiko walowo owayenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, ngezinsolo zokulawulwa kombuso nalapho kwathinteka khona negama lakhe.

OLUNYE UDABA: I-DA ithi izovulela icala uBrian Molefe

Obhekelele izindaba zamabhizinisi kahulumeni kuDA, uNatasha Mazzone, uchaze lokhu kukhokhwa kwale mali, njengoba kubikiwe kwiphephandaba langeSonto, iSunday Times, “njengokuxhashazwa okukhulu kwezimali zomphakathi”, wathi uMkhwebane kuzomele aphenye lokhu “….”

Uthi akwamukelekile neze ukuthi imali yabakhokhi bentela ilokhu isetshenziswa ukuzuzisa izikhulu zikahulumeni ezishaya udaka futhi ezingafanelwe, ekubeni imisebenzi ebalulekile nengqalasizinda igcwala izintuli ngenxa yokuma yokuma komsebenzi.

I-DA ithi kuyacaca ukuthi lena bekungesiyona inkokhelo yempesheni njengoba uMolefe esho, yabe isinxusa uMolefe ukuthi ayibuyise ngokushesha le mali.

UMolefe utshele iSunday Times ukuthi wakhokhelwa imali okwakumele akhokhelwe yona.

Ngakolunye uhlangothi u-Eskom ubungakaqinisekisi ukuthi yimalini ekhokhelwe uMolefe, kodwa wathi kuzovela embikweni wawo waminyaka yonke ozokhishwa ngoJuni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.