Kucelwe umncwaningi aphenye ngo-R81m 'okhokhelwe umngani kaZuma'

2017-05-22 12:29

Cape Town – UMncwaningimabhuku Jikelele uzocelwa ukuba aphenye ukuthi kungani umgani kaMengameli Jacob Zuma, uPhilani Mavundla, akhokhelwa isamba semali engu-R81m ngaphambi kokuba enze umsebenzi wokumoma i-acid emayini.

Lesi sicelo sizofakwa yiDemocratic Alliance (DA), negxeke kakhulu lokhu kukhokhelwa ngeSonto.

Le nkinsela kasomabhizinisi osemkhakheni wezokwakha yake yaphakamisa ukuthi izokhokhela uMengameli Zuma imali okwakuzomele ayikhokhe ngokuqiniswa kwezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.

“Yize izivumelwano zokufukulwa zikubandakanya ukukhokhelwa ngaphambi komsebenzi njengoba iningi lezinkampani eziwina amathenda zingahlale njalo zinemali yokwenza umsebenzi, kulesi simo ohlomulile umgani kaZuma omkhulu ocebe kakhulu, ongakudingi noma okungamfanele ukukhokhelwa ngaphambi komsebenzi,” kusho uLeon Basson, oyiNhloko yeDA kwezaManzi kanye nokuThuthwa kweNdle.

OLUNYE UDABA: OwayenguNgqongqoshe udalule ukuthi uMolefe ‘wawasiza’ kanjani amaGupta

UBasson uthi iDA ifuna ukuthi uMcwaningimabhuku Jikelele aphothule uphenyo bese kushushiswa bonke labo abathintekayo ngokuphula imithetho yombuso yokukhishwa kwamathenda.

Lokhu kulandela imiqingo yamaphepha edalulwe kwiCity Press, nekhombisa ukuthi inkampani kaMavundla, ngokubambisana nenye, yakhokhelwa kanjani u-R81m ngaphambi kokuthi iqale ukwenza umsebenzi – nokuyinto engavumelekile ngokomthetho iPublic Finance Management Act (PFMA).

Isikhulu esiphezulu eHhovisi loMgcinimafa, esikhulume neCity Press kodwa sangafuna ukudalulwa, sithe: “Ayikho indawo kanye nesikhala sokukhokhelwa ngaphambi komsebenzi kwi-PFMA”.

Sithi ngokujwayelekile inkampani iyaye yenze umsebenzi bese kuba yima ikhokhelwa ngomsebenzi ewenzile, hhayi ukuthi ivele ikhokhelwe imali ingawenzanga umsebenzi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.