Kuchitheke umshado inkosikazi idayisela umhloli isinene

2017-01-26 10:01

Durban - Kuchitheke umshando inkosikazi idayisela umhloli isinene ngoba eyithembise ukuyikhokhela ngokuyinyusela esikhundleni sokuba nguthishanhloko kanti izogcina ibanjiwe ngumyeni wayo wafuna inhlawulo ka-R500 000 (kumhloli) ngokuzitika ephindelela ngenkosikazi yakhe yeminyaka, kubika iphephandaba ILANGA.

UMnu Bigboy Mathaba (41) waKwaMsane eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, usefake isehlukaniso nenkosikazi yakhe, uNkk Phumelele Jabu Mathaba, uMaXulu (40) ofundisa eCwakeme High School, eMakhowe eHluhluwe, enyakatho-mpulanga yeKwaZulu-Natal ngemuva kokuyibamba izitika ngocansi noMnu Johannes Sibusiso Mthiyane (62), waseZibayeni Circut eMtubatuba.

ILANGA libenengxoxo ekhethekile noMnu Mathaba okumanje uhlabe ikhefu eliphuthumayo emsebenzini wakhe wobuthisha ngenxa yengcindezi selokhu ebambe la manyala. Uthi ngoNtulikazi (July) wezi-2015, kuthe belungiselela ukuyolala nomkakhe wabamba umqhafazo kumakhalekhukhwini wakhe ophuma kuMnu Mthiyane ebhale ukuthi uyabonga.

Kulo mqhafazo uMnu Mthiyane kuthiwa uxwayisa uMaXulu ukuba angakhohlwa wukucisha izinkulumo zabo.

"Ngaleso sikhathi inkosikazi ibigeza ngaba nokudideka ukuthi ubongani umhloli kumkami. Ngimbuzile ngaleso sikhathi ukuthi kuqhubekani phakathi kwakhe nomhloli, kungani emthumelela umqhafazo ebonga," kusho uMnu Mathaba.

Uthi inkosikazi iqambe amanga yathi uMnu Mthiyane uyayeshela. Ube eseyithatha inkosikazi wayifaka emotweni baqonda emzini kaMnu Mthiyane.

"Ngifike emzini wakhe ehleli nenkosikazi yakhe ngacela ukuba sikhulumele ngaphandle njengamadoda, ngamtshela ukuthi makakhulume lonke iqiniso ngoba inkosikazi isingitshele konke. Nebala akazange ananaze, uzivumele ngowakhe ukuthi bebethandana nenkosikazi yami, ubeyithembise ukuthi uzoyitholela umsebenzi wokuba nguthishanhloko. Uze wangitshela nokuthi kwesinye isikhathi ucansi bebelwenzela ehhovisi lakhe kokunye balwenzele emotweni yakhe," kusho yena.

Uthi eseyithole yonke le mininingwane, ungene ngaphakathi emzini kaMnu Mthiyane waxoxa nenkosikazi yakhe (uMnu Mthiyane) ukuze nayo izizwele ngamanyala omyeni wayo.

OLUNYE UDABA: Zimhalele odubule wabulala obesolwa ngokweba utshwala

Utshele ILANGA ukuthi kudlule izinsukwana uMnu Mthiyane wamncenga ukuba angaluvezi lolu daba ngoba angalahlekelwa wumsebenzi, uzimisele ngokwenza noma ngabe yini ukulungisa umonakalo. Uthi ucele ukukhokha u-R50 000.

ILANGA linabo ubufakazi basebhange obuveza imali efakwe nguMnu Mthiyane kwi-akhawunti kaMnu Mathaba. Uphinde wabhala incwadi efungelwe emaphoyiseni eqinisekisayo ukuthi ubethandana noMaXulu, ILANGA linayo le ncwadi.

"Yincane imali angikhokhele yona, izindleko esengingene kuzona zinkulu kakhulu. Kumanje ngihamba odokotela bengqondo, ngikhokhela nabameli ngesehlukaniso sethu. Ngifuna azikhokhele zonke lezi zindleko angifake kuzona ngoba ukube akamshelanga umkami ngabe ngisahleli kahle nomndeni wami," kusho uMnu Mathaba.

Uthi okuhlukumeze kakhulu umqondo wakhe yinto eyenziwe ngumhloli wakhe omkhulu, uMnu Mashaba ukuthi anganelele kodwa kunalokho walunyathela ngezinyawo udaba, watshela yena ukuthi makabonane nodokotela abazomeluleka ngokomqondo ngoba kayikho into abazomsiza ngayo, kakuqali ngaye ukufetshelwa yinkosikazi.

Ethintwa yiLANGA uMaXulu, uthe: "Ngicela ukungaphawuli ngalolu daba, bhala lokho akutshele khona uMathaba." Usho njalo qede wavala ucingo lwakhe.

ILANGA libe selinikela emahhovisi abahloli eMtubatuba ukuyoxoxa noMnu Mthiyane, othe: "Ngicela ukungaphawuli lutho ngale nto, bhalani konke lokhu anitshele khona uMathaba, mina ngizothatha izinyathelo uma senilubhalile lolu daba."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, usigxeke kakhulu isezo sikaMnu Mthiyane wathembisa ukuthi bazolulandela udaba lwakhe lokuthembisa ngomsebenzi baze baye ocansini. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.