Kucishe kwadunwa i-ambulensi iyosiza owesimame okhulelwe eKZN

2017-02-15 11:01

Durban – UNgqongqoshe wezeMpilo kwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dlomo ukugxekile ukuhlaselwa kwabosizo lokuqala.

UDhlomo uthi kuhlaselwe izisebenzi ezimbili zosizo lokuqala ngesikhathi ziyosiza owesimame okhulelwe eSlungspruit, ngoMgqibelo ebusuku.

Ngesikhathi besendleleni, laba bosizo lokuqala bebelokhu behleka base behlangana namadoda amane ahamba nowesimame oyedwa.

Amadoda amabili azame ukuhlasela laba bosizo lokuqala befuna kuvulwe umnyango we-ambulensi ngenkani.

OLUNYE UDABA:Ushonile obesekuphele amahora elinde i-ambulensi

Ngesikhathi oyedwa etshela la madoda ukuthi baphuthuma owesimame okhulelwe, umsolwa oyedwa uzame ukuduna i-ambulensi ngokushaya ingilazi yangaphambili.

Umshayeli udumise imoto wahamba nalo wesilisa esabambelele emotweni. Le ambulensi ibe isihlangana namaphoyisa isibuyela emuba emsebenzini, abasebenzi base becela usizo.

UDhlomo uthi isimo esifana nalesi asamukelekile neze ngoba lokhu kwenza kubenzima ukuthi abosizo lokuqala benze umsebenzi wabo uma bezohlaselwa wumphakathi.

"Sikhathaza kakhulu ngalesi simo ngoba senza kubenzima ukuthi silethele abantu izinsiza futhi sihlenge nempilo yabo uma kuzohlaselwa abosizo lwezempilo kulinyazwe nempahla kahulumeni."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.