Kucishe kwavalwa ngehlahla emndenini kuhlasela umphezulu

2017-01-26 11:31

Durban - Kuchitheshe kwavalwa ngehlahla emndenini wakwaMyeni KwaNkombose eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal emuva kokuba umbani ushaye amalunga awo ayisihlanu ngoLwesibili ebusuku, okubalwa kuwona nezingane.

Kubikwa ukuthi kwembulwa kwembeswa esibhedlela KwaHlabisa, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal kula malunga. Lesi sigameko sishiye umphakathi wakule ndawo uthukile njengoba kubikwa ukuthi zisazoqhubeka nokuna izimvula eziphelezelwa wukuduma.

Kuthiwa kusize umakhelwane wakhona kwaMyeni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko njengoba umbani ushaye kwathungeleka umuzi washa waphela, kwalimala uNkk Buyisile Myeni (47) - osegunjini labagula kakhulu - uThobeka Manqele (20), uZinhle Mthiyane (15) - okubikwa ukuthi sibucayi kakhulu isimo kuyena njengoba edluliselwe esibhedlela eNgwelezane - u-Andiswa Myeni (11) noNkazimulo Khumalo (2).

UNkz Fikile Manqele ongumzala kaNkk Myeni, uthi isimo simuncu emndenini.

"Izulu liqale ukuduma ngezithuba zehora lesi-7 kusihlwa. Lidonse eside isikhathi ngoba laba abalimele libashaye kusanda kushaya ihora leshumi ebusuku. Uma sizwa ngoThobeka, yena osengconywana, uthi bebehleli endlini ngesikhathi bebona into eyibhola ebivutha ingena ngefasitela. Emuva kwalokho akazi ukuthi kwenzekeni kodwa ubone sekumnyama endlini. Usitshele ukuthi uzamile wabaleka yize ebeseshile wayobiza umakhelwane odonse abebevaleleke endlini. Bakhishwe sebevele beshe kakhulu. Ngikhuluma nje uFikile akakwazi ngisho ukukhuluma, izingane zona zishe umzimba wonke," kusho uNkz Manqele.

Uthi inkinga ababhekene nayo kabazi ukuthi uNkk Myeni uma ephuma esibhedlela uzoshonaphi njengoba umuzi wakhe ushe waphela.

OLUNYE UDABA: Kuchitheke umshado inkosikaiz idayisela umhloli isinene

Kubikwa ukuthi zikhona ezinye izindawo ezithintekile khona eMtubatuba ngoLwesibili. UMnu Wiseman Dlamini wakwaSouth African Weather Service, uthi zisekhona izimvula ezihambisana nokuduma ezisalindelekile kuleli sonto.

Uxwayisa abantu ukuba baqikelele ukuthi balalela imisakazo babuke nomabonakude ukuze bezothola ukuthi isimo sezulu sizoba njani.

"Zikhona izimvula eziphelezelwa wukuduma esingazilindela. Uma liduma kunombani, abantu kumele baqikelele ngaso sonke isikhathi ukuthi baqhelelane namanzi, bangasebenzisi izingcingo baphinde baqikelele ukuthi kabahlali eduzane nefasitela endlini. Kumele baqikelele nokuthi uma benemfuyo, bayifaka endaweni enompheme ukuze ingeke nayo ithinteke uma kunombani," kusho uMnu Dlamini.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthi uNgqongqoshe Nomusa Dube-Ncube uzwakalisa ukudabuka okukhulu mayelana nalesi sigameko esehlele umndeni wakwaMyeni neminye ethintekile. Uthi bazoqinisekisa ukuthi ababhekelele izinhlekelele bayaya endaweni babheke isimo semindeni ethintekile ukuze bezobona ukuthi kungalekelelwa kanjani imindeni.

"Siyacela ukuba osomabhizinisi nabo balekelele ekutheni imindeni ehlwempu ikwazi ukuthola usiba lokugwema umbani. Nathi siwumnyango silokhu siqhubeke njalo nokunikela ngalo emiphakathini kodwa lokhu ngeke sikwazi ukukwenza sisondwa, yingakho sicela ukuthi osomabhizinisi nabo balekelele. Kulabo abanawo amandla okuzithengela, siyacela ukuba bakwenze lokho ngoba isimo sezulu silokhu siqhubeka siba sibi," kusho uMnu Mayisela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.