Sebokeng - Kuvele kwama yonke into kumgwaqo ohlozi umatasa uMoshoeshoe Road ngesikhathi kushayisana izimoto eziyisikhombisa.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi esibi kakhulu ekuseni ohlangothini olusheshayo lo mgwaqo.
OLUNYE UDABA:Iphume nemiphefumulo ingozi enyantisayo
Kuthiwa into edale le ngozi imoto yohlobo lweNissan Stanza evele yama ngqi kungalindele muntu yashayiswa imoto ebiyilandela kanti zizodudulana bezinye eziza ngemuva.
Amaphoyisa aseSebokeng afike endaweni yesigameko athi ngenhlanhla akekho olimalile kodwa izimoto kuphela, kubika iCitizen.