Kudingeka amanye amahhovisi oMnyango wezaseKhaya eThekwini - Gigaba

2018-04-25 16:00

Durban - Kubukeka sengathi uMnyango wezaseKhaya uhamba emazwini kaMengameli Cyril Ramaphosa.

UNgqongqoshe woMnyango weziNdaba zaseKhaya uMalusi Gigaba uzwakalise ukuthi ufuna ukuqeda olayini abade emahhovisi alo Mnyango ngemuva kokuba uRamaphosa ucele izisebenzi ukuba zisebenze ngesikhathi.

UGigaba ukhulume nabezindaba emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eMngeni, eThekwini, ngoLwesibili emkhankasweni wokulwisana nolayini abade.

Uhambo lwakhe luqale emahovisi aseMgungundlovu.

Amahhovisi aseMngeni angamanye alawo abantu abakhalaza kakhulu ngawo ezweni ngendlela okusetshenzwa ngayo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owashiya izingane zodwa waya kophuza

UGigaba uthe: “Kudingeka sisebenzele abantu ngendlela eseqophelweni eliphezulu, sibuyise nesithunzi sabo. Angifuni ukuzwa indaba yabantu abazibulala ngenxa yokungalutholi usizo abaludingayo.”

Uthe lo mkhankaso ngokazwelonke, futhi kuhloswe ngawo ukuthola izinkiga ababhekana nazo abantu ukuze zilungiswe.

UGigaba uthe amahhovisi aseMngeni ahlonzwe njengalawo okudinga ukuba kungenelelwe odabeni lwawo.

“Kubukeka sengathi la mahhovisi asiza abantu abaningi ngaphezu kwalabo angakwazi ukubasiza.

“Lokhu kusho ukuthi sidinga amanye amahhovisi eThekwini,” kusho uNgqongqoshe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.