Kudingeka R150 000 ukubuyisa isidumbu somculi wowokholo oshonele phesheya

2018-02-26 14:01

eThekwini - Umndeni wowesilisa oshonele phesheya kwezilwandle ukhala ngokuthi kawunayo imali yokuthutha isidumbu sakhe.

UMandla Jiyane oneminyaka engu-25 ubudala uchonele eCzech Republic kanti umndeni wakhe udinga imali engango-R150 000 ukubuyisa isidumbu sakhe.

Kuduma amakhanda emndenini waseNseleni eMpangeni ngokushona kwendodana yawo.

Lo mndeni uthi kawazi ukuthi imali engaka ungayihlanganisa kanjani kwazise umufi ubesebenzela inkampani encane kuleliya lizwe ebikade ithembise ukuthi izobabuyisela isidumbu.

Le kampani ishaye ungqimphothwe uma sekukhulunywa ngemali engaka okumele ikhishwe.

OLUNYE UDABA:Ushonile umculi weGospel wakuleli osacazeke phansi esuka esitezi sesibili eCzech Republic

USikolethu Jiyane onguyise kamufi utshele abeLANGA ukuthi bakhathazekile bewumndeni ngalesi simo ababhekene naso ngendodana yakhe.

Uveze ukuthi namanje kabakazitholi izimpendulo bayelana nokwenzekile kuMandla.

Uthi indodana yakhe ifulathele elakuleli ihamba neqembu leZululand Gospel Choir ngoba vele ibingumuntu owuthandayo umculo.

"Ubonwe wumndeni othile wamthanda ube usumnikeza umsebenzi ngoba uke wenza izifundo zeBusiness Management.

"Lo mndeni unenkampani encane yokugcina amabhuku ubethi esebenza futhi ekwazi ukuqhubeka nokucula eceleni,"kuqhubeka uyise kamufi.

Uthi ngoLwesihlanu bathole ucingo lubatshela ukuthi uwe esitezi sesibili ebhilidini thizeni nakhona kakukacaci namanje ukuthi lokho kwenzeke kanjani.

Utshele leli phephandaba ukuthi abakuleliya lizwe bathi kuthathu okungenziwa wumndeni, wukuba umndeni uvume ukuthi umufi alothiswe bese kuthunyelwa kuleli umlotha wakhe nokuyinto ezodla uR20 000. Wukuvuma uhulumeni walapha amngcwabe kodwa kabatshelwanga ukuthi lokho kungaba yimalini kanti ukubuyiswa kwesidumbu sakhe kuzodla imali engango-R150 000.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.