Kudingidwa eyobuholi namalungiselelo omngcwabo kulandela ukukhothama kukaShembe

2017-11-27 16:01

Durban – Ibandla iNazareth Baptist Church, elidume ngokuthi kukwaShembe, lizomemezela kuleli sonto imininingwane yokuthi ngubni ozothatha izintambo kanjalo nangamalungiselelo omngcwabo eNkosi uVela Shembe.

"Siyazama ukuphothula konke kungekudala. Imininingwane izokhishwa ngoLwesithathu. Okwamanje sisazama ukulungisa izinto ezithile," kusho okhulumela ibandla ohlangothini lwaseThembezinhle, uNkululeko Mthethwa, etshela iNews24 ngoMsombuluko.

Ngokusho kukaMthethwa, ibandla, elinamalungu abalelwa ezigidini, lithi lilindele ukuba kuphume abantu abaningi abeze emngcwabeni.

"Sizama ukuhlanganisa izinto okwamanje. Silindele abantu ababalelwa okungenani ku-10 000 uma sekuzotshalwa umholi wethu iNkosi uVela. Imininingwane izoqinisekiswa kungekudala."

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni uVela 'Imisebeyelanga' Shembe

Uthe abazalwane basakhungathekile kulandela ukukhothama kwenkosi ngokukhulu ukuzuma.

"Kuyadabukisa futhi kunzima kepha siyazama ukuziqinisa. Siyethemba ukuthi uNkulunkulu uzosihola kulesi sikhathi esinzima."

Ukukhothama kweMisebeyelanga ngoLwesine kuza ngemuva kwesikhathi esingaphansi kwenyanga iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu yagodla isinqumo ngombango wobuholi okhona kuleli bandla.

Ngemuva kokudlula emhlabeni kweNkosi uVimbeni Shembe, owashona ngoMashi 2011, indodana yakhe uMduduzi "uNyazilwezulu" Shembe, neNkosi uVela, baya enkantolo bebanga ukuhola leli bandla elikhulukazi.

Emngcwabeni weNkosi uVimbeni kwenziwa izimemezelo ezimbili ezehlukene ngokuthi ngubani ozohola ibandla.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.