Kudliwe izimoto zeNdidane

2017-02-05 11:00

Durban - Kuthiwa zidliwe izimoto zesihlabani somculo kamasikandi, uMtshengiseni "iNdidane" Gcwensa (ongasekho), waseMngeni, eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal. 

Abazaziyo bathi zidliwe ngenxa yokuthi bezingasakhokhelwa ngemuva kokwedlula emhlabeni kweNdidane, okuyiyona ebizikhokhela. 

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi uphele unyaka odlule zingasekho ezimbili kanti ukuhamba kwazo zilandelana kuwethuse kakhulu umndeni. Enye yazo kuthiwa ibiwulekelela kakhulu lo mndeni, ingenisa imali ngokuthutha izingane zesikole. 

OLUNYE UDABA: INdidane ibadide ngisho ilele esibhedlela

Izimoto okuthiwa zidliwe ngamagaraji yi-Toyota Fortuner, neveni iToyota Hilux.  

Umthombo weLANGA LangeSonto osondelene kakhulu nomndeni, uthi lezi zimoto bezikweleta imali enkulu, elinganiselwa ngaphezu kuka-R100 000.

Uthi njengoba iNdidane yayishiye nesitolo, bekusetshenziswa lona iveni uma kumele kuyothengwa edolobheni izimpahla ezidayiswa esitolo.

"Kwafika abantu bezozithatha bathi ziyakweleta, kwasho ukuthi akukho okuzokwenziwa ngoba ayikho imali yokuzikhokhela. Kuwuhlukumezile lokho umndeni ngoba bekuthenjelwe kuzona," kusho umthombo. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba, enye yezimoto ithathwe ngelinye lamagaraji adayisa izimoto eDundee, maphakathi nesifundazwe. 

Lo mthombo ongashayi eceleni uthi le ndaba yokudliwa kwezimoto ikhulunyelwa phansi ngenxa yokuba kuvikelwa isithunzi seNdidane.

Kuthiwa nemoto eyayiwinwe yiNdidane ngowezi-2014, kuma-South African Traditional Music Achievements Award (SATMA) yohlobo lwe-Citroen Dispatch, enezihlalo eziyi-7 isifile, ayisadumi nhlobo, nosekuholele ekutheni uMnu Vezokuhle Nala waMathole Funeral axhase iqembu leNdidane, Amageza Amahle eseliholwa nguKhayelihle "Potso" Ngobese, ngokulithengela iQuantum.

Nokho le Quantum kuthiwa ayihlali kwaGcwensa, bayisebenzisa kuphela uma beyocula. Enye imoto yeNdidane iJeep yona kuthiwa kunensimbi enqamukile, edinga ukuthengwa ngemali eshisiwe. Kwayona iNdidane kuthiwa idlule emhlabeni le moto (Jeep) isivele inenkinga.

 
ILANGA livakashele umndeni wakwaGcwensa, khona eMsinga, ngenhloso yokuthola kabanzi mayelana nokushaqwa kwezimoto zalo mculi. 

Lifice le moto (Citroen Dispatch) imbozwe ngoseyili, eduze kwayo kumi iJeep.

Kuyabonakala ukuthi sekunesikhathi zimile. 
Ingoduso yeNdidane, uZothile, uMaZiqubu Gcwensa, utshele leli phephandaba ukuthi akulona iqiniso ukuthi izimoto zidliwe. Uthi nguyena ozithathe wayozifihla ndawana thizeni, nokho angayidalulanga.

Lokhu uthi ukwenzele ukuba izingane zeNdidane zize zikhule, zikwazi ukuthola izimoto zikayise zisaphephile. Ukuphikile nokuthi izimoto lezi ezimbili ezisegcekeni zinenkinga wathi zibekiwe nje. 

"Ibhasi lena esemnyango (Citroen Dispatch) ilimele kancane ngaphambili, yashayiseka ezinganeni ngizithume kwenye indawo kodwa akukho okonakele kuyona, iyahamba, kanti i-Jeep nayo ayinalutho nhlobo.

"Umndeni wakwaGcwensa uyazi wonke ngokuqhubekayo ngezimoto. Phela ngeke ngitshele izwe lonke ngesinqumo esisithathile emndenini. Abantu bakhuluma abakuthandayo okungelona iqiniso," kusho uMaZiqubu. 

Uthi iFortuner uyikhokhele waqeda nyakenye ngoba iNdidane yashiya isikweleta imadlana, kanti iveni yona uthi kumele bayiqedele ngoNcwaba (August) nonyaka ukuyikhokhela. 

Indidane idlule emhlabeni ngonyaka wezi-2015 emuva kokugula isikhathi eside, ixinwe yisifo sofuba.

Ishiye izingane eziyi-9. UMaZiqubu uveze nokuthi bahleli kahle kakhulu selokhu kudlule iNdidane emhlabeni.

Uthi abalandeli bayo balokhu beweseke njalo umndeni wakwaGcwensa, bayawuvakashela, bawuphathele nezipho, kanti nyakenye umsakazi woKhozi FM uBheka "Beekay" Mchunu uhambise imali engango-R10 000, wathengela abantwana beNdidane umfaniswano wesikole.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.