Kudlwengulwe isalukazi, 84, emzini waso e-KZN

2017-02-16 14:01

Durban - Amaphoyisa aseDannhauser, KwaZulu-Natal, athungatha umsolwa okubikwe ukuthi udlwengule isalukazi esineminyaka engu-84 ubudala epulazini i-Annieville.

Ngokusho kombiko wamphoyisa, isisulu sasilele emzini waso ngesikhathi umsolwa esihlasela ngezithuba zabo-21:00 ngomhlaka-11 Febhuwari, kubika iNewscastle Advertiser.

"Umsolwa wasabisa isisuslu ngokusibulala uma sike samemeza, wabe esesidlwengula ngaphambi kokusifuna imali."

OLUNYE UDABA: Sishe sangqonqa isalukazi silele

Isisulu kusolwa ukuthi satshela umsolwa ukuthi asinayo imali.

Umsolwa wabe esesibuza ukuthi ukuphi umzukulu waso, sathi asimazi uyephi. Umsolwa wabe esenyamalala endaweni yesigameko.

Isisulu samemeza omakhelwane sicela usizo sabe sesiphuthunyiswa emtholampilo wendawo ngaphambi kokudluliselwa eMadadeni Crisis Centre.

Onolwazi uyacelwa ukuba athinte amaphoyisa aseDannhauser ku-034 621 6509.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.