Durban - Owesimame oneminyaka engu-38 ubudala udlwengulwe ngesikhathi umyeni wakhe ehlaselwa ngamadoda amathathu bedunwa imoto.
Lokhu kwenzeke kumgwaqo u-Old Tongaat ngaseVerulam ngempelasonto.
Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i- Phoenix Sun, abezomthetho bafike kule ndawo bathola owesimame ephakathi emotweni.
Imibiko iveza ukuthi lezi zithandani bezizipholele emotweni ngesikhathi kufika abasolwa bephethe amapayipi ensimbi amabili kanye nesibhamu.
Abasolwa baphoqe owesilisa ukuba aphume emotweni bemshaya ngamapayipi basuke lapho bathatha imoto kukhona nonkosikazi phakathi babaleka bayoyifaka emobeni.
OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa owesimame emzini wakhe
Laba basolwa bebeshintshana ngalo wesimame bemdlwengula ngaphambi kokumthathela konke abekuphethe babaleka bamshiya khona lapho.
Lo wesifazane ukwazile ukutotoba ngemoto waze wayofika emgwaqeni omkhulu lapho atholwe khona abethimba le-Reaction Unit South Africa kanye nomyeni wakhe.
Leli thimba lizamile ukuthungatha abasolwa kodwa abazange babathole.
Bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.