Kudubuleke ikhehla lashona liyohola impesheni

2017-10-04 14:01

Cape Town - Ikhehla elineminyaka engu-67 ubudala lidutshulwe lisendleleni liyohola impesheni ngemuva kokuhlangana nezimbila zithutha kutholana phezulu amaqembu ezigelekeqe.

ULesley Idas waphuma ngoMsombuluko ngovivi eyohola, engazi ukuthi uzophetha ngokuba yisisulu sokulwa kwamaqembu ezigebengu okuqhubeka eManenberg.

Kuthiwa u-Idas udutshulwa nje ubezama ukulamula njengoba bekuqhubeka impi yezulu lezandla ezintatha ngomhlaka-2 Okthoba.

Ngokusho kwezakhamuzi, ilokhu iqhubeke njalo impi yezigelekeqe kulezi zinyanga ezimbili ezedlule, njengoba kuthiwa iqembu lezigelekeqe iHard Livings lilwa namaClever Kids kanye namaDixie Boys, kanti lolu dlame selukapakele nakuma-Americans namaJesters nawo amelene namaHard Livings.

OLUNYE UDABA: Lusaqhubeka udlame lwamaqembu ezigelekeqe eKapa

U-Idas, owakhululela eManenberg kepha wafudukela eDelft, ubevakashele izihlobo kuleya ndawo wabe eselala kamngani wakhe ngeSonto, kusho isihlobo sakhe u-Amiena Williams etshela iNews24.

Kukholakala ukuthi uvuke ekuseni eyohola impesheni bese edlulela esibhedlela, kanti usezohlangabezana nokufa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Andrè Traut ukuqinisekisile ukubulawa kuka-Idas, wathi umufi ubehamba ngoRed River Road ngesikhathi kuqubuka impi yezibhamu phakathi kwamaqembu ezigebengu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.