Kudubuleke ingane, 2, yashona kuhlaselwa umndeni

2016-08-18 07:00

Johannesburg – Ingane yentombazane eneminyaka emibili ubudala ishonile kwathi abazali bayo balimala ngesikhathi kudutshulwa umjondolo abahlala kuwo eWepener, kusho amaphoyisa aseFree State.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Yanga Ngcukana uthe lesi sigameko senzeke ngoLwesibili ebusuku, izinhlamvu ziqhamuke ngaphandle, kubika i-African News Agency.

Umama ushaywe yizinhlamvu ezimbili, kwathi ubaba washaywa eyodwa.

OLUNYE UDABA: Kudubuleke ingane yomlisa obesabisa ngokudubula

“Kutholakale amagobolondo ezinhlamvu angu-8 endaweni yesigameko,” kusho uNgukana.

“Kusolakala ukuthi umsolwa noma abasolwa badubule bengaphandle le ngane yadubuleka ekhanda yaphelela khona lapho.”

UNgcukana uthe ayaziwa inhloso yalokhu kudubula, kanti bekungakaboshwa muntu.

“Sicela onolwazi ukuba avele obala asize amaphoyisa ukuze kubanjwe izigilamkhuba.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.