Kudubuleke isigebengu ezinqeni

2016-08-11 16:02

Johannesburg - Kudubuleke isigebengu esisodwa ezinqeni ngephutha ngesikhathi sihilizisana nomshayeli weloli lezinkwa, esinye sabaleka nemali.

Isigebengu sidubuleke salimala ezinqeni eMamelodi ngoLwesibili, kubika iPretoria East Rekord.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuba umlisa oneminyaka engu-20 ubudala kanye nomngani wakhe bebambe inkunzi iloli lezinkwa, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Johannes Maheso.

Umshayeli weloli kanye nabasizi bakhe bebethenga ukudla nokuthe uma sebebuya bahlaselwa abalisa ababili ebebehlome ngezibhamu.

Funda nalolu daba: Kutholakale iziqhumane ezikhwameni emathuneni

Isigebengu sokuqala sibaleke nesamba semali esingadalulwanga ngemuva kokuphuma iloli lihamba.

UMaheso uthe ukuhilizisana komsizi womshayeli kanye nesigebengu sesibili kuphethe ngokuqhuma kwesibhamu kwadubuleka isigebengu ezinqeni.

Kubizwe amaphoyisa endaweni yesigameko kanti umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela saseMamelodi egadwe amaphoyisa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.