Kudubuleke umfana ekhanda kuxabana amadoda amabili

2017-08-29 12:32

Johannesburg - Kudubuleke umfana, 12, ekhanda esitolo ngesikhathi ethenga igilosa, kuxabana amadoda amabili ngaphakathi.

Lesi sehlakalo senzeke ngoMsombuluko ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kwamadoda amabili - umnikazi wesitolo esikuBooi Street oneminyaka engu-33 ubudala, Kwazakele - nenye indoda ebisesitolo.

"Umnikazi wesitolo ukhiphe isibhamu wadubula le enye indoda, wayishweba, kodwa inhlamvu yayoshaya umfana, 12, ekhanda," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge.

OLUNYE UDABA:Kudubuleke unogada esigamekweni sokuphanga eGoli

"Umfana uphuthunyiswe esibhedlela iDora Nginza esesimweni esibucayi."

Umnikazi wesitolo uboshelwe icala lokuzama ukubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Isibhamu sishaqwe amaphoyisa kanti kuvele nemibiko yokuthi sebiwa eGeorge ngoFebhuwari.

Umnikazi wesitolo uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton ngoLwesibili.


 - TimesLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.