Kudubuleke umuntu oyedwa esigamekweni esenzeke e-Airport

2017-10-18 09:31

Cape Town – Kubikwa ukuthi kubenesigameko sokudubula esenzeke eCape Town International Airport ngoLwesithathu.

ICapeTalk ibike ukuthi umuntu oyedwa udubuleke kulesi sigameko okukholakala ukuthi sihlobene nesamaqembu ezigilamkhuba.

Isigameko sokudubula senzeke ngabo-05:15 ekuseni ngoLwesithathu, ngokombiko weCapeTalk Radio.

Kuthiwa imoto yohlobo lwe-BMW X5 kanye nenye emhlophe bezihamba abantu ebebedubulana.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha isiboshwa esidedelwe ngephutha

Amaphoyisa ne-Airports Company South Africa (Acsa) basiqinisekisile isigameko.

Okhulumela amaphoyisa uVish Naidoo uthe umuntu obezoshiywa esikhumulweni sezindiza udubulekile walimala kulesi sigameko.

"Abaseshi bethu basendaweni yesigameko njengamanje kodwa isisulu ngeke sadalulwa okwamanje.”

I-Acsa ku-Twitter ithe akuphazamisekanga ukusebenza esikhumulweni sezindiza, kanti nemigwaqo kayivalwanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.