Kudubuleke unogada esigamekweni sokuphanga eGoli

2017-06-23 16:00

Johannesburg - Iqembu lezigebengu ebelihlomile livulele ngenganono libhekise konogada benkampani iBlue Security ngesikhathi zigqekeza emzini womuntu izolo (ngoLwesine) ebusuku, kwalimala oyedwa, bamgeja omunye.

OweBlue Security uBrian Jackson, uthe amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokukhala kwe-alamu kuDipdale Road ngezithuba zabo-18:45.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zibamba inkunzi eThekwini

"Amadoda angu-6, angene ngendluzula emzini womuntu, angenisa imoto yawo yohlobo lwe-VW Polo ngaphakathi egcekeni. Enye yala madoda isale ngaphandle ukuze izogada amaphoyisa noma kukhona ozayo.

"Lezi zigebengu zibe sezingena ngaphakathi endlini zafica umama nezingane zakhe ezimbili zabafana, umnikazi wendlu yena ubengemuva komuzi," kusho uJackson.

"Lezi zigebenu zibe seziyibhekisa phezulu indlu, ziphoqa lezi zelamani ukuba zilale phansi, zagxumisa umama wazo njengexoxa zimkhomba egumbini lokulala, zifuna amaselula nenye impahla.

"Impahla ziyilayishe emotweni yazo zabe sezigxavuna ikhamera yeCCTV ziyikhipha ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko. Ngesikhathi kufika unogada, le ndoda ebingaphandle ivele yadumbula."

Kuthiwa lo nogada ube esebiza abanye naye wadubula eziphindiselela. Izigebengu zangena emotweni yazo zabaleka, zibe zisadubula. Inhlamvu yangena ngesicabha semoto sivaliwe, kwadubuleka unogada emathangeni.

UJackson uthe onogada baphuthunyiswe esibhedlea beyolashwa.

Amaphoyisa aseMalvern ophiko lwe-SAPS ahambele endaweni yesigameko.

 - Highwaymail


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.