Kudubuleke unogada nobedlula ngendlela kolwamatekisi

2017-04-08 14:02

Johannesburg – Kushone unogada kanye nomuntu obedlula ngendlela ngesikhathi kunesigameko sokudubulana esihlobene nodlame lwamatekisi, eSoweto, eGoli.

Amaphoyisa athi abanye abantu abane nosomatekisi ababili balimale kabi kulesi sehlakalo, kanti bathola ukwelashwa esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi eSoweto

Kwenzeka lesi sigameko nje, kudutshulwe osomatekisi abathathu kule ndawo ngasekuqaleni kwaleli sonto, ezigamekweni ezihlobene nodlame lwamatekisi.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela uthe: “Sekunesikhathi eside iqhubeka eyokudutshulwa kosomatekisi, kanti senza konke okusemandleni ukuthola abenzi bokubi.”

Emasontweni amabili edlule umnikazi wetekisi udutshulwe washona kududulwana ngenhlamvu eRockville, eSoweto.

Kuthiwa amadoda amabili adutshulwa ehleli emotweni. Isisulu esisodwa okuthiwa singusomatekisi, sashonela khona lapho.

Isisulu sesibili saphuthunyiswa esibhedlela sisesimweni esibucayi kakhulu.

Kukholakala ukuthi laba bahlaselwa ngenxa yempi eziqhubekayo embonini yamatekisi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.