Kuduke owesifazane wesibili emvuleni e-KZN

2016-07-26 08:07

Durban - Kuduke owesifazane waseThekwini oneminyaka engu-62 ubudala, obesendleleni egodukayo ehamba emvuleni ebiyidliva ngoMsombuluko ebusuku.

Imoto kaBrenda Scriven itholakale igugulwe amanzi ayikhipha emgwaqeni eGlen Anil. Kuthiwa usuke emsebenzini wakhe, oseningizimu yeTheku, ngabo-16:00 kanti ubengatholakali ocingweni.

Ungowesifazane wesibili ukubikwa ukuthi udukile kulandela ukuna kwemvula enkulu ezingxenyeni zeKwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA: Ukotele esihlahleni ebalekela izikhukhula eKZN

Indodakazi yakhe uLindy Swales utshele iNews24 ukuthi baqale ukutatazela ngesikhathi unina engabuyi ekhaya.

"Besilokhu simshayela ucingo kepha engaphenduli. Kuthe ekugcineni ucingo lwakhe lwaphendulwa yindoda ethe imile yazama ukusiza ngesikhathi ibona imoto yakhe igugulwa amanzi.

"Ufice enye indoda ihlezi ngaphakathi kule moto, wathi uma eshaya ifastela, yabaleka. Isikhwama, iselula nokhiye kukuthina ngoba ubekushiye emotweni," esho.

Omunye wesifazane uduke ngemuva kokuthi imoto yakhe igugulwe yizikhukhula eChatsworth.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.