Kuduke umdlali obezohlolwa ikhono kuKaizer Chiefs

2017-01-21 17:28

Cape Town - IKaizer Chiefs isiqinisekisile ukuthi isiqale uphenyo kulandela ukuduka kuka-Ismael Olivier Toure obezohlolwa ikhono kuleli qembu.

Kuthiwa uToure akazange afike esikhumulweni sezindiza ukuyogibela ibhanoyi eligodukayo eliya e-Ivory Coast.

Ngemuva kokuhluleka ukuhlaba umxhwele izikhulu zeChiefs, kube sekwenziwa izinhlelo zokuba abuyele kwelakubo.

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs icathamela umgadli we-Orlando Pirates

Zixakekile-ke iziphathimandla zeChiefs sezithola ukuthi uToure akazange afike ebhanoyini ebekumele aligibele.

Kumanje kuvulwe uphenyo ukuze kuzwakale umkhondo wokuthi ukephi lo mdlali.

"Sitshelwe ukuthi ithikithi lakhe akazange alisebenzise,” kusho iMenenja yaMakhosi uBobby Motaung.

“Lokho kuchaza ukuthi akazange ayilandele imiyalelo. Sikhathazeke kakhulu ngaye. Lo mdlali ufike kuleli emenywe yithi ngakho kusemahlombe ethu ukuthi abuyele ekhaya ephephile.

“Siyethemba ukuthi lapho ekhona uphephile,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.